Uzonqanyulwa ngokwesigaba sesibili ugesi

Iyaqhubeka eyokunqanyulwa kukagesi kuleli njengoba u-Eskom usumemezele ukuthi uzocima ugesi ngokwesigaba sesibili kusukela ngo-9 ekuseni namuhla.

Le nkampani ephehla ugesi ithe kubukeka sengathi lokhu kuzoqhubeka iviki lonke njengoba ukusebenza kwengqalasizinda kusaphazamisekile.

Yexwayisile futhi ukuthi kungenzeka isigaba sokunqanyulwa kukagesi sishintshe ngokuphuthuma uma ingcindezi iqhubeka kwa-Eskom.