Usezwakalise ukuzisola ngokushayela ephuzile uPabi Moloi

Usezwakalise ukuzisola umethuli nomsakazi wezinhlelo, u-Pabi Moloi – oboshelwe ukushayela ephuzile ezinsukwini ezimbalwa ezadlule.

“Ave ngizisola ngalokhu engizokudalula. Kube khona isigameko kuleli viki…Ngiphuze uphuzo oludakayo ngase ngishayela ngaphansi kwaleso simo ngoLwesine ebusuku,” kubhala uMoloi (36) ekhasini lakhe lika-Twitter.

Uqhube wathi ube eseboshwa ngokwephula umthetho – eshayela ngaphansi kophuzo oludakayo. “Ngiyakuqonda ubucayi balesi simo kanto futhi ngiyaxolisa kakhulu.”

Baphawule kanje abasezinkundleni zokuxhumana: