Zishadane emva kokwazana amaviki amabili izitshudeni zase-Rhodes

Isimangaze abaningi eyezitshudeni zasenyuvesi yase-Rhodes ezibophe ifindo likasofa silahlane izolo, emva kokwazana amaviki amabili.

Lezi zitshudeni ezenza unyaka wokuqala zishadane emahhovisi ase-Home Affairs edolobheni lapho le nyuvesi ikhona, eMakhanda, izolo.

Abaphawule ezinkundleni zokuxhumana bazwakalise ukumangala, bekhathazwa ukuthi bebengakazani isikhathi esingakho; kepha abanye bazijabulele lezi zithandani bethi uma usuwazi ukuthi lo ngumaqondana wakho, uyazi.