Kuthiwa iMnakwethu kumele ibizwe i-Ngiveza uMakhwapheni

Alupheli ematheni uhlelo olutshengiswa ku-Mzansi Magic, i-Mnakwethu, lapho amadoda asuke ezocela ukuthatha isithembu kumakhosikazi awo okuqala elekelelwa uMusa Mseleku – wodumo lohlelo Uthando Nes’thembu.

Nasesiqephini sayizolo kube yiso leso, abantu bedlulisa ukuphawula kwabo ezinkundleni zokuxhumana.

Kukhona abathi impela lolu hlelo sekumele lubizwe nge-Ngiveza uMakhwapheni njengoba bebona sengathi lusuke luzovezela amakhosikazi okuqala abantu besifazane akade bajola nabayeni babo. Lesi singesinye sezikhalazo esikhulu ngalolu hlelo – izizathu zokufuna ukuthatha isithembu ezivezwa yila madoda – abanye abathi ziphambene nenhloso yakudala yesithembu.

FUNDA: Ziyanda izikhalo ngeMnakwethu, nomshayeli walolu hlelo, uMseleku

Izolo, kuvele ukuthi uMhlengi Mthembu obezocelelwa isithembu, unengane nonkosikazi, nezinye ezintathu ezizalwe omama abehlukene ngaphandle komshado, kanti nale ntokazi ebizocelelwa ibikhulelwe.

Baphawule kanje abasezinkundleni zokuxhumana: