Amahebezi athi u-L Tido uyagula, awamumangazi

Kuleli laseNingizimu Afrika ngeke wakwazi ukwehlisa isisindo somzimba wakho ngale kwezinsolo zokuthi kukhona okushaya amanzi ngesimo sempilo yakho.

Kunzima kakhulu uma ungusaziwayo, kamuva nje uMampintsha usanda kuba sematheni ngenxa yokwehla kwakhe emzimbeni, abantu bemusola ngezinto ezifana nokuthi udla izidakamizwa abanye bethi uyagula.

U-K.O ungomunye wabaculi kuleli owaze waphoqeleka ukuthi ahlole igciwane legculaza maqede akhombise abantu ukuthi akanalo njengoba babemsola ngokugula emva kokuthatha isinqumo sokwehlisa isisindo sakhe. Kamuva nje, uL Tido ubhekene nalolu bishi njengoba bemusola emva kokuthi akhethe ukwehlisa isisindo somzimba wakhe.