Sekuphinde kwamphinda lokho ugogo ka-Kairo njengoba abazali bomzukulu wakhe sebephinde bahlukana. Yize kunjalo kubukeka sengathi ubudlelwano buka DJ Zinhle no-Lynn Forbes abukaphazamiseki.
Usanda kuqinisekisa lokhu ku-Drum Magazine uma ebuzwa ngobudlelwano bakhe nomama ka-Kairo. U-Lynn odume ngelika-Glammy uthe, ubudlelwano bakhe noZinhle abusoze baguquka futhi usamthanda.
“Ubudlelwano enginabo noZinhle busefana nakuqala, kanjalo no-Kiernan (AKA). Ngibathanda ngokufanayo futhi ngiyabeseka. Bayizingane zami engizithandayo. Ubudlelwano bami no-Zinhle abusoze baguquka,” kusho yena.
Yize u-DJ Zinhle no-AKA bethandana babuye bahlukane, ubudlelwano buka-Lynns abuphazamiseki. Lokhu sakubona ngenkathi u-AKA esendiza noBonang, kwaba noqhekeko phakathi kuka-Lynn nendodana yakhe ngoba nakhu ekhetha ukweseka u-DJ Zinhle.