Obekwenzeka kwi-photoshoot yabomdlalo Uzalo

Kufudumeza inhliziyo ukuzwana kwabantu abasebenza enkampanini eyodwa, noma ngabe bakumuphi umkhakha.

Kube njalo kamuva nje, ngesikhathi abalingisi bomdlalo oluchungechunge – Uzalo, behlanganyela ukushuthwa kwezithombe kwalo nyaka.

Babonakale bejabule, bedansa, becula, kanti bebegqoke beconsa.