Kufudumeza inhliziyo ukuzwana kwabantu abasebenza enkampanini eyodwa, noma ngabe bakumuphi umkhakha.
Kube njalo kamuva nje, ngesikhathi abalingisi bomdlalo oluchungechunge – Uzalo, behlanganyela ukushuthwa kwezithombe kwalo nyaka.
Babonakale bejabule, bedansa, becula, kanti bebegqoke beconsa.