Ngiyofela ku-Kaizer Chiefs -Khune

Unozinti we-Kaizer Chiefs u-Itumeleng Khune kungenzeka ahlale ebhentshini isikhathi eside kodwa uyohlala edlalela Amakhosi.

Empeleni, u-Itu angathanda ukuthatha umhlalaphansi kulo mdlalo kunokujoyina izimbangi zeMpofana i-Orlando Pirates. Ukucacisile lokhu ngemuva kokuba abalandeli bezame inhlanhla yakhe bemcela ukuthi ajoyine iBhakabhaka, uphendule ekhasini le-Twitter ukuthe yena ungu-Itu # Khosi4Life.