Bathi uMashaba aqaphele iqembu lakhe lingabi sagatsha le-DA

Owayengumholi we-DA eGoli, u-Herman Mashaba, usememezele ukuthi abantu ababili ababesezikhundleni eziphezulu kuleli qembu – u-Funzela Ngobeni no-Paul Boughey sebezojoyina iqembu lakhe lepolitiki elisha.

Kuzokhumbuleka ukuthi uMashaba – owesula kwi-DA ngo-Okhthoba wonyaka odlule waqinisekisa ngasekuqaleni kwalo nyaka ukuthi nakanjani usezinhlelweni zokusungula iqembu lepolitiki.

Lokhu kuza emva kombutho awusungula eqeda kwesula kwi-DA – i-The People’s Dialogue, lapho ebehamba khona eba nezigcawu zenkulumo-ngxoxo nezakhamizi zakuleli ukuze ezwe imibono yabantu baseNingizimu Afrika mayelana nekusasa abalifunela leli zwe.

Baphawule kanje abasezinkundleni zokuxhumana kulandela ezokujoyina kuka-Ngobeni no-Boughey: