Babonga u-Daniel Akpeyi i-Kaizer Chiefs ibhaxabula i-Orlando Pirates

U-Daniel Akpeyi ongunozinti we-Kaizer Chiefs usephenduke undabamlonyeni emva komdlalo wale mpelasonto obuphakathi kwe-Orlando Pirates ne-Kaizer Chiefs ophele ngo:01-00. Kusuka kumqeqeshi we-wamaKhosi u-Ernst Middendorp kuye kwabanye abadlali abafana no-Itumeleng Khune babonga igalelo lika-Daniel odabuka eNigeria ngokuwina kwabo.

Yile le nsizwa ibe ngumdlali ovelele kule mpelasonto kodwa inxuse abalandeli ukuba bayeke ukulandela abadlali ngamunye kodwa balandele iqembu futhi bayeke ukuqhathanisa amadlali. Kakhulukazi kulabo asebephenduke abalandeli bakhe uthi mabayeke ukubukela phansi uKhune.

Image