Osaziwayo nabezindaba bathole ithuba lokuba ngabokuqala ukubona umdlalo omusha ozoqala ukukhonjiswa ku-Netflix emhlabeni wonke jikelele. Ngenxa yenani losaziwayo abebephumile, kusobala ukuthi akekho obefuna ukusala ngaphandle. U-Pearl Thusi uyena mdlali ophambili kulo mdlalo, wethule inkulumo yakhe la aveze khona ukubonga ngokwesekwa kakhulukazi umndeni nabangani bakhe ngenkathi ematasa eqopha lo mdlalo.