Imali nothando

Imali ingawuchitha iwuqede umuzi, yingakho kubalulekile ukuthi izithandani zikhulume ngayo. Yize lesi kuyisihloko esingelula kodwa kubalulekile ukuthi nikhulume ngaso ukuze umuntu nomuntu azi okulindeleke kuye.

Imizi kayifani, indlela eniphatha ngayo imali ngeke ifane neyezinye izithandani kodwa okubalulekile ukuthi nithole indlela ezonisebenzela nibuka lezi zinto ezilandelayo:

Okuyingozi ebudlelwaneni

Omunye nomunye udonsa ashone le. Lokhu kwenzeka uma izithandani zingaboni ukubaluleka kokusebenzisa imali ndawonye. Umuntu wenza lokhu okufanele akwenze, lokho akusho ukuthi nibambisene. Uma umuntu nomuntu ekhuluma ngakwenzayo kugcina sekungathi niyaqhudelana, lokhu kudala uqhekeko ebudlelwaneni.

 Ukusebenzisa imali ngendlela ewubudlabha.

 Ukuthi nibuye nibolekane imali.

Ukukhuluma amagama afana nokuthi “Angiganelanga ukuthi ngizohlupheka”.

Ukuziqhathanisa nezinye izithandani.

INDLELA EFANELE YOKWENZA IZINTO

Bambisanani (yenza okubalulekile kini nobabili, hhayi kuwe wedwa).

Makubelula ukuthi nikwazi ukuxoxa ngemali ukuze kungeke kube noqhekeko ebudlelwaneni benu.

Vumelanani ngezinto ezibalulekile, nilungise amaphutha eniwenzile.