Amazwibela obekwenzeka emshadweni wesintu kaSomizi

Kulabo abangatholanga ithuba lokuzobonela ngawabo okwakwenzeka emshadweni kaSomizi wesintu njengoba uvezwe okokuqala ku-Showmax. Lo mshado ubuwethanyelwe osaziwayo abehlukene kuleli, ngosuku lokuqala sibone benza amalungiselelo omshado.

Amasiko

Iningi lethu beliqala ukuzibonela ngawalo umshado wabobulili obubodwa njengoba uSomizi ebebopha ifindo likasofa silahlane noMohale. Njengoba bobabili bekholelwa emadlozini, sibone benza okwesintu. USomizi wethulwe emadlozini akwa-Motaung base bememukela ngokugcwele emndenini wabo njengelunga lomndeni elisha.

Umembeso

USomizi ephelezelwe umndeni nabangani bame isikhathi eside esangweni belinde ukungeniswa ngaphakathi, okungcine kunenge uSomizi ezibuza ukunthi kungani bemiswe isikhathi eside kanganga ngaphandle ngoba nalo muntu abeze ngaye akaseyona insizwa nsi! Kudala bezitika. Siphinde sathola ithuba lokwazi umfowabo kaSomizi uMazwe Mhlongo obekunguyena omele uyise kokuningi.

Akukho makoti

USomizi ukubeke ngembaba ukuthi kulo mshado akekho umakoti, bobabili banemisebenzi efanayo futhi bayalingana kulo mshado. Ngaphambi komshado, uSomizi ukhulume namadlozi akhe ewanxusa ukuba abusise umshado wakhe futhi amukele uMohale emndenini. Umalume kaMohale uyena mfundisi obasizile ukubopha ifindo lomshado futhi ukhombise ukuziqhenya ngokwenza lo msebenzi.

Ubumnandi

Sonke siyazi ukuthi la okukhona uSomizi khona kuhlala kumnandi futhi kukuhle. Kanjalo nasemshadweni wakhe, bekuhlotshiswe kahle nekhekhe lakhona lithi ngibuke. Izihambeli zithole ithoba lokudansa njengoba sazi ukuthi uSomizi othanda ukudansa.

Amazwi avela emndenini

Indodakazi kaSomizi uBahumi uthole ithuba lokukhuluma waveza ukujabula kwakhe ngokuthi uyise uthole umuntu amthandayo waphinde wabafisela okuhle kodwa. Udadewabo kaMohale naye uthole ithuba lokuphefumula yize waphumela eshashalazini ngokuthi akathandi umfowabo athandane noSomizi kodwa kubukeka sengathi isithambile inhliziyo yakhe. Umama kaSomizi yena usalokhu eqhubeke njalo nokweseka indodana yakhe.

FUNDA: Sekusele izinsuku ezine sibone umshado kaSomizi, buka amazwibela

View this post on Instagram

Nazo……….exclusively on @showmaxonline

A post shared by Somizi (@somizi) on