Bafuna kuphenywe elokuphoqwa kwabane-HIV ukuthi bavale inzalo

Ikhomishani ebhekelele ezokulingana ngobulili, i-Commision for Gender Equality ithi izocela uMnyango wezeMpilo ukuba uqale uphenyo ngezinsolo zokuphoqwa kwabesifazane abanesandulela-ngculazi ukuthi bavale inzalo ezibhedlela zakuleli.

Ngaphambilini leKhomishani idedele umbiko ngophenyo lwayo mayelana nokuphoqwa kwalaba ukuba bavale inzalo ezibhedlela zaKwaZulu-Natal nase-Gauteng. Ngokwalombiko, abesifazane abalinganiselwa ku-50 baphoqwa ukuba bavale inzalo ezibhedlela ezingu-15 kulezi zifundazwe zombili.

“Izibhedlela lezi ezimbili nezifundazwe esiye kuzo bezisetshenziselwa ucwaningo nje kuphela,” kusho usihlalo wale Khomishana u-Tamara Mathebula, ophinde wathi bakholelwa ukuthi lo mkhuba usabalele ezikhungweni zezempilo eziningi ezifundazweni zakuleli uma kubhekwa izikhalo asebezitholile.

UMnyango wezeMpilo unikezwe izinyanga ezintathu ukuba uphendule ngokusembikweni yaleKhomishana.