Owesifazane usinde ngeNkosi ephangwa e-Midrand

Owesifazane obehamba ngohlobo lwemonto i-Porsche emhlophe usindile ngenkosi ngemuva kokubanjwa unkunzi wadutshulwa e-New Road, e-Midrand, izolo kusihlwa.

Image

Okhulumela abakwa-Netcare 911 u-Shawn Herbst uthe abosizo oluphuthumayo baphuthumele endaweni yesigameko ngemuva kwehora lesine ntambama.

Imibiko iveze ukuthi abaphangi bashaye iwindi ngesando ukuze bafinyelele kuye.

U-Herbst uthe lo wesifazane ebengaphakathi emotweni ngesikhathi idunwa

Omunye wabaphangi udedele ngenhlamvu ebhekise kulo wesifazane, ngenhlanhla akukho neyodwa inhlamvu eshaye enyameni, lo wesifazane uphuthunyiswe esibhedlela engenamyocu,” Kusho u-Herbst .