URamaphosa uxolise kuMalema, noMalema kanjalo kuRamaphosa

Umholi we-EFF u-Julius Malema usexolisile kuMongameli Cyril Ramaphosa ngakusho ephalamende ngodlame lwezobulili.

Lokhu kulandela inkulumo yayizolo kaRamaphosa obethula impendulo ephalamende kulandela inkulumo-mpikiswano ngenkulumo yakhe ayibhekisa esizweni ngeviki eledlule. URamaphosa uxolise kuMalema nomndeni wakhe ngokuphoxeka abadlule kukho emva kwenkulumo yelungu le-ANC ephalamende, u-Boy Mamabolo – elasola uMalema ngokuhlukumeza unkosikazi wakhe uMantwa.

UMalema eziphendulela wabe esesola uRamaphosa ngokuhlukumeza owabe engunkosikazi wakhe ongasekho, uNomazizi.

FUNDA:UMalema ufuna amademeshe kuMamabolo osmole ngokuhlukumeza unkosikazi wakhe

FUNDA:Uzidonsele amanzi ngomsele uMamabolo

URamaphosa uzwakalise ukungenami ngendlela lolu daba olusingathwe ngayo ephalamende, wakugcizelela ukuthi udlame lobulili akumele lusetshenziswe ukuthola amaphuzu epolitiki.

Esitatimendeni uMalema uthe ngemva kokuxolisa kukaRamaphosa ube nengxoxo ende nonkosikazi wakhe, nokuholele ekutheni bakwamukele ukuxolisa kukamongameli. Babona nabo ukuthi kumele baxolise kumongameli.

Uthe uyazisola ngamazwi awakhipha ezama ukuzilwela, futhi uyaxolisa nasesizweni sonke ngalokhu, kakhulukazi labo abathinteke ngokukhethekile udlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane.

Nonkosikazi kaMalema, uMantoa, ukhiphe esakhe isitatimende namuhla ekuseni ethi uyakwemukela ukuxolisa kukaMongameli,

Kepha ugcizelelile ukungenami kwakhe ngendlela le ndaba esingathwe ngayo ephalamende, ethi akumele iphalamende kube yindawo ehlambalaza abantu besifazane, esikhundleni salokho kumele kube indawo ezofika nezisombululo eziphuthumayo kulolu daba lodlame olubhekiswe kubantu besifazane nezingane.