Ugesi uzonqanyulwa kuze kube ngeSonto

U-Eskom usukuqinisekisile ukuthi uzonqamula ugesi ngokwesigaba sesibili kuze kube ngeSonto ekuseni ngenhloso yokuwonga.

Ngaphambilini kuleli viki, le nkampani ephehla ugesi ibithe ugesi wocinywa kuze kube ngoMgqibelo ekuseni.

U-Eskom uthi sekuphazamiseke ukusebenza kwezinye zeziphehlu zawo, yingakho ususelulile isikhathi se-loadshedding kuze kube ngeSonto.