U-Jub Jub usaqhubeka nokuphefumulisa abantu ngenxeba

Selokhu ephumile ejele uMolemo Maarohanye oneminyaka engu-39, abantu bahlezi ngesinqe esisodwa. Kwaqala ngohlelo i-Uyajola 99, la ayehamba evundulula khona abantu emijolweni yabo besathi bayazintshotshela bese ebanekela izwe.

Kumanje, usanda kubonakala kwi-video echitha izimbiza zikaFaro okudide abantu abaningi. Amahemuhemu athi umatasa uqopha uhlelo mayelana nokuphuzwa kotshwala kuleli. Sonke siyazi ukuthi utshwala buphuziswa okwamanzi eMzansi, abaningi balubheke ngamehlo abomvu lolu hlelo okuthiwa lizodlala ku-Moja Love.