Ubusuyizwile ingoma kaDumi Mkokstad ayibhekise kumkakhe?

Ngosuku lwezithandani umhlaka-14 February savuka ngengoma emnandi kaDumi Mkokstad ethi Ziphozenkosi, okuyigama lenkosikazi yakhe asanda kubopha nayo ifindo likasofa silahlane. Le ngoma uDumi wayiculela isiphalaphala somkakhe ngosuku lwabo lomshado. NgoLwesihlanu olwedlule uyikhiphe ngokusemthethweni iphelezelwa i-video yayo. Abantu bakhombisa ukuyithanda njengoba besesiside isikhathi beyilindele. Uma ubungakayizwa, sikuphathele yona.

FUNDA: Lusavutha amalangabi uthando luka-Dumi Mkokstad nomkakhe