Makhulu amathuba e-loadshedding namuhla – Eskom

U-Eskom usexwayise ngokuthi maningi amathuba okuthi ugesi unqanyulwe ngokwesigaba sesibili namuhla.

Le nkampani ephehla ugesi ithi ilahlekelwe amandla okuphehla ugesi ngenxa yokuphazamiseka kwengqalasizinda obekungalindelekile, kwanqamuka ugesi ongaphezulu kuka 10 000 MW.

Kwenzeka lokhu nje, u-Eskom ushilo ngaphambilini kule nyanga ukuthi izakhamizi zakuleli azilindele ukuthi i-loadshedding isazoqhubeka isikhathi esilinganiselwa izinyanga ezingu-18 ezayo – kuze kuba ingqalasizinda iba sesimeni esifanelekile.

“Iriskhi isikhulile ukuthi ingaba khona i-loadshedding njengoba eminye imishini yethu ithande ukufa namuhla. Siyethemba ukuthi ngeke size sifike lapho,” kusho uSikonathi Mantshantsha, okhulumela u-Eskom.