Kutholakale izidumbu ezimbili zabavukuza ngokungemthetho

Kutholakale izidumbu zababili abavukuza ngokungemthetho, abaziwa nangokuthi iZama-Zama. Laba babili balimale ngesikhathi bewelwa ingxube yedwala nenhlabathi ngenkathi bevukuza i-chrome endaweni yase-Ga-Makgoba, ngaphandle kwase-Burgerfort eLimpopo, ngoLwesibili.

Image result for illegal miners

Abashonile bahlonziwe njengoJeremiah Serota oneminyaka engu-49 no-Freddy Ngwenyama oneminyaka engu-41 – bobabili bevela endaweni yase-Ga-Makgoba.

I-Rescue and Medical Emergency Services yasiza ekutholeni umzimba womunye wabavukuzi futhi yazama ukuthola umzimba wesibili.

Amaphoyisa avule uphenyo ngemuva kokushona kwabavukuzi.

UKhomishani weSifundazwe we-South African Police Service eLimpopo u-Lieutenant General Nneke Ledwaba uxwayise wonke amalungu omphakathi ukuthi ayeke ukuzibandakanya ezimayini ezingekho emthethweni ngoba kuyingozi.

Ilungu lomphakathi elivela e-Ga-Mathabatha lithi abantu bagcina sebevukuza ezimayini ngokungemthetho ngenxa yokwentuleka kwemisebenzi.

Ngokusho kwelungu lomphakathi, imayini yaqala ukusebenza ngoJuni nyakenye.