Ugog’ Mahlangu uhlobise i-Rolls-Royce Phantom ngobuciko bakwaNdebele

Iciko lesiNdebele elihlonishwa umhlaba wonke, uDkt Esther Mahlangu, uyaqhubeka nokuphephezelisa ifulegi leNingizimu Afrika, kakhulukazi elesizwe samaNdebele.

Kamuva nje ushayelwe ihlombe ngomsebenzi wezandla zakhe obonakala emotweni yohlobo i-Rolls-Royce Phantom, okuthiwa ibiza imali elinganiselwa ku-R7 million.

UMahlangu uthi ukuhlobisa le moto kwamthatha isikhathi esingangenyanga, kanti futhi kulokhu akasebenzisanga imibala egqame kakhulu kwaNdebele.

Le-Rolls Royce ibitshengiswa ezinsukwini ezadlule e-Melrose Gallery, eKapa – kanti izakhamizi zakuleli zithi ziyazigqaja ngalogogo oteketiswa ngokuthiwa ‘ugogo wesizwe’.

View this post on Instagram

Legendary. #esthermahlangu #rollsroyce #ndebeleart

A post shared by rolland (@epic_rolland) on