Lithole ibheyili ikhansela le-EFF ngecala lokudlwengula

Ikhansela le-EFF e-Nelson Mandela Bay, elisolwa ngokudlwengula linikezwe ibheyili eNkantolo yeMantshi e-Port Elizabeth.

Image result for Zilindile Vena

UZilindile Vena (43) osebenzala umphakathi ngaphansi kwenhlangano ye-EFF ubhekene necala lokudlwengula, ngemuva kwezinsolo zokudlwengula umfundi oneminyaka engu-22 ubudala wase-Nelson Mandela University (NMU) eflethini e-Port Elizabeth ngoMgqibelo.

Uzinikele emaphoyiseni ngoMsombuluko ephelezelwa ngummeli wakhe uZolile Ngqeza.

Ngemuva kwalokhu uphuthunyiswe enkantolo wanikezwa ibheyili ka-R2 000 icala lahlehliselwa umhlaka 15 Ephreli.

Esitatimendeni, uthe usulile esikhundleni njengekhansela le-Nelson Mandela Bay ukuze akwazi ukubhekana nezinsolo abekwa zona futhi avikele isithunzi ,ukuhlonishwa kanye nobuqotho benhlangano.

“Lowo omele umphakathi kumele aziphathe ngendlela abe yisibonelo emphakathini njengo mholi.”

“Ngizimisela ukusebenza nazo zonke izinhlaka ukuxazulula lolu daba ukuze luzophothulwa ngokushesha, ngisamile ekulwisaneni nokuhlukunyezwa kwezingane nabesifazane,” kusho uVena.

Umuntu okhulumela amaphoyisa ase-Eastern Cape, u-Brigadier Tembinkosi Kinana uthe, “Kuvulwe icala lokudlwengula ngowesifazane oneminyaka engu-22 ubudala, owesilisa oneminyaka engu-34 waboshwa ngemuva kokuzinikela emaphoyiseni ngoMsombuluko ekuseni.

“Uvele eNkantolo yeMantshi e-Port Elizabeth. Unikezwe ibheyili ka-R2 000 kanti icala lakhe labuyiselwa kuze kube ngumhlaka 15 Ephreli.”

Uqhube wathi, “Lolu daba lusaphenywa wuphiko lwe-Family Violence Child Protection and Sexual Offences Unit.”