Inhlokomo u-Justin Bieber eshefa amadevu

Ngathi bekuyizolo la sibona umfanyana omncane onekhono lomculo eliyisimanga. Namhlanje u-Justin Bieber useneminyaka engu-25 futhi uganiwe unenkosikazi ogama layo uHailey Rhode Bieber. Yize ebeke wathatha ikhefu leminyaka emibili emculweni, u-Justin ubuye ngamanoni ezingoma ezifana ne-Yummy eshisa izikhotha.

Ubuye ebukeka ekhule kakhulu kunakuqala njengoba ebeshaya ngamadevu adida usathane. Abalandeli bakhe bebengayithandi indlela abesebukeka ngayo futhi bemxuse ezinkundleni zokuxhumana ngokuthi ashefe. Ugcine evumile ukushefa kodwa uthe yinto yesikhashana, abalandeli, umkakhe nonina babonga abaphezi.