Bakhala ngokukhokhela ukususwa kwemfucuza e-Newcastle

Izakhamizi zaseKhwezi, eMadadeni endaweni yase-Newcastle, enyakatho ne-KwaZulu Natali zikhala ngokukhokha ukuze zisuse imfucuza.

Image result for newcastle rubish

Lezi zakhamizi zikhokhela iloli u-R10 ukuze lizoqoqa udoti.

Oyisakhamuzi uthe kunenqwaba yemfucuza egcwele kule ndawo, abanye abantu bayiqoqa beyoyidayisa.

Uqhube wathi, “Njalo ngoLwesibili ekuseni kufike iloli lizolanda udoti ngo-R10. ”

“Abantu bakhokha imali ngoba abakwazi ukumela iphunga lemfucuza, kanti labo abangenayo imali bahlala nemfucuza kanye nokokungcola.”