Zibakhalele abatholakale nezithombe zodado zocansi

Amaphoyisa ase-Gauteng asebophe amadoda amahlanu ngezinsolo zokuthi anezithombe namavidiyo abukisa ngezithombe zocansi zezingane. Omunye wabasolwa ungumnikazi wenkulisa.

Image result for hand cafs

Abasolwa baboshwa phakathi kuka-10 no-14 kuFebhuwari.

Ngesikhathi kwenziwa uphenyo, olubizwa ngokuthi “yi-Operation Moonlight”, amaphoyisa abamba amakhompuyutha, kanye nomakhalekhukhwini okuqukethe izithombe zocansi zezingane.

U-Brenda Muridili, okhulumela amaphoyisa ase-Gauteng uthe, “Ithimba lisebenzise imininingwane ebeliyitholile ophikweni olusebenza nge-cybercrime kanti uphenyo lokuqala luveze imininingwane efanelekile yokuvumela imvume yokuphenya. Ummangalelwa oseke wavela enkantolo ngeke adalulwe igama njengoba amaphoyisa esenza uphenyo olunzulu futhi angeke zidalulwe izingane ezibandakanyeka kulolu daba ngoba kuvikelwa isithunzi sazo. ”