Lizovela enkantolo iphoyisa ngokubulala abalungu omndeni ayisithupha

Kuboshwe iphoyisa mayelana nokubulawa kwamalungu omndeni ayisithupha ahlaselwa ngesihluku ekhaya lawo eMpumalanga Township, entshonalanga neTheku ngoDisemba nyakenye.

Leli phoyisa elineminyaka engu-51 liboshwe eGoli ngeSonto. Lizovela enkantolo yaseThekwini namhlanje.

Leli phoyisa lingumsolwa wesibili okufanele aboshwe mayelana nalokhu kubulala. Umsolwa wokuqala, uBuhlebakhe Khomo, 29, waboshwa ngenyanga edlule. Abantu abathathu basinda kulokhu kuhlaselwa – okubandakanya nomfana oneminyaka emithathu.

Okhulumela amaphoyisa u-Jay Naicker uthe leli phoyisa libhekene namacala okubulala nelokuzama ukubulala.

Uqhube wathi, “UKhomishani esifundazweni saKwaZulu-Natali ukujabulele ukuboshwa komsolwa kwakamuva obefuna ukubulawa ngesihluku komndeni eMpumalanga ngomhlaka 11 kuDisemba nyakenye -2019. Leli phoyisa kulindeleke ukuba livele enkantolo yaseMpumalanga libhekene namacala okubulala nelokuzama ukubulala. Kungenzeka kuboshwe abaningi njengoba uphenyo luqhubeka. “