Besekuphele ama-bachelor amnyama yini? Bephawula nge-The Bachelor SA

Izigemegeme zephalamende zangeviki eledlule zenze sakhohlwa nokuthi bekuqala i-season yesibili ye-The Bachelor SA – uhlelo lapho abesifazane abangaphezu kuka-20 belwela inhliziyo yensizwa thizeni, ngethemba lokuthi yoba ngumaqondana womunye wazo.

Le nsizwa enenhlanhla engaka kulokhu u-Marc Buckner (36) ongusomabhizinisi ozinze eKapa.

Bephawula abasenkundleni yokuxhumana i-Twitter bathe besekuphele izinsizwa ezimnyama yini besiphinda nge-Bachelor elimhlophe nje? Abanye bancome izintokazi ezikule-season hhayi kuphela ngobuhle, kepha ngokubonakala sengathi banemisebenzi encomekayo futhi bazimele.