Yehlukene imibono ngesiphithiphithi esidalwe i-EFF ephalamende

Yehlukene imibono ngesiphithiphithi esidalwe iqembu le-EFF ephalamende izolo ngesikhathi uMongameli Cyril Ramaphosa ethula inkulumo abeyibhekise esizweni, phecelezi i-state of the nation address (SONA).

FUNDA: I-EFF ayithi nyaka kweyokuphazamisa uMongameli ngoLwesine

I-EFF eyayisabise ngokuthi izoyiphazamisa le nkulumo uma uRamaphosa engamxoshi uNgqongqoshe weziMboni zikaHulumeni, u-Pravin Gordhan, isigcinile isethembiso sayo. Akuphelanga mizuzu emingaki uMongameli emile, aqala ama-point-of-order.

Kube umzuliswano ongapheli usomlomo wesishayamthetho sikaZwelonke,. u-Thandi Modise ezama ukuqapha ukuba isimo singaphumi esandleni. Kuze kwaphoqa ukuthi kumiswe uhlelo okwesikhashana – okuyinto okuthiwa akaze yenzeke emlandweni we-SONA.

Ekhuluma nezintatheli sebenqume ukuziphumela ephalamende, umholi waleli qembu, u-Julius Malema uthe abakezukudeda kule yokuthi axoshwe u-Gordhan.

Abasezinkundleni zokuxhumana baphawule kanje: