Imfashini ebidla ubhedu kwi-SONA ephalamende

Yize inkulumo uMongameli asuke eyibhekise esizweni, phecelezi i-State of the Nation Address (SONA) ingengemibukiso yemfashini, kodwa sekwaba nzima ukuthi umuntu ayishaye indiva i-red carpet yasephalamende, kwazise nosopolitiki bakhipha unyawo uma kufika kwezemfashini ngalolu suku.

Naba abasihambele phambili kwi-SONA ebibanjwe izolo esiShayamthetho sikaZwelonke eKapa: