Bathi kuyifanele i-The River ukubutha zowu-15 izindondo kuma-SAFTA

Umdlalo oyintandokazi i-The River, ibahola phambili abaqokwe emiklomelweni wama-South African Film and Television Awards (SAFTA) – asungulwa ukuhlonipha ithalente labakule mboni.

Lokhu kumenyezelwe namuhla ekuseni emcimbini obuse-Mall of Africa, eGoli.

I-The River iqokwe okungenani kawu-15 ezigabeni ezahlukene, yalandelwa eduze omunye umdlalo oluchungechunge kuleli, Isibaya – edle ngama-nomination angu-11, kanjalo ne-Lockdown S4 nefilimu i-Fiela se Kind.

Akubonakali kuzoba lula kwi-The River ukuthi ivele izibuthe nje zonke izindondo njengoba iqhathwe nabanye abalingisi kanye nemidlalo esezingeni eliphezulu, kepha abalandeli bayo bathi ngabe irojiwe uma ingabuyela ekhaya ingatholanga okungenani ezimbalwa izindondo.

Naba abanye eqokwe nabo: