UZozibini uzovakashela abantu eGoli

Namhlanje abahlali base-Goli bazobe benyelwe yinyoni esandleni njengoba uZozibini Tunzi ongu-Miss South Africa aphinde abe ngu-Miss Universe ezohambela abahlali bakuleli dolobha.

Ibhasi ahamba ngalo kusuka ngo-9am lizobe lisedolobheni eGoli, ebingelela abantu khona. Uzohambela izindawo eziseduzane nedolobha njenge-Braamfontein, Marshalltown bese elibangisa e-Sandton.

U-Nthatisi Modingoane okhulumela idolobha lase-Goli uthe: “Amaphoyisa omgwaqo azobe ekhona ukulawula isiphithiphithi emgwaqeni ukuze nezinye izimoto zikwazi ukuhamba kahle.”