Kuphelile ngama-Lays e-Salt and Vinegar kuleli

Azehlanga kahle izindaba zokuvalwa kwama-Lays e-Salt and Vinegar kwabaningi kuleli. Okubuhlungu ukuthi lesi sinqumo asikaze simenyezelwe kumakhasimende, iningi libone engasekho ezitolo lase liqala ukuba nemibuzo.

Abakwa-Lays babe sebephumela obala ngokuthi sebekhethe ukuwavala lama-chips e-Salt and Vinegar, imbangela ayaziwa ke nokho kodwa abathengi bathukuthele bagana unwabu njengoba bebezifela ngalesi sinongo sama-chips.

Esikhundleni sawo bethule isinongo esisha okuyi-BBQ, bakhuthaza abathengi ukuthi bazame sona kodwa kunhlanga zimuka nomoya kwabanye njengeba abathandi be-Salt and Vinegar beyifuna la futhi basho nokusho ukuthi ngeke besawathenga ama-Lays.