ULesufi ukhala ngenani labafundi base-Gauteng asebeshonile lokhu kuvulwe izikole

UNgqongqoshe wezeMfundo e-Gauteng, u-Panyaza Lesufi uthi sekumphazamise kakhulu emoyeni ukubhekana nesibalo esiphezulu sabafundi abashone kulesi fundazwe selokhu lo nyaka uqalile.

Babalelwa ku-11 abafundi bakulesi sifundazwe asebedlulile emhlabeni kusukela kuvulwe izikole ngoJanuwari.

Kamuva nje, umfundi obenza u-Grade 10 e-Ferndale High School, e-Randburg, ushone emva kokuwa esuka esitezi sesibili sesakhiwo salesi sikole. Kubikwa ukuthi lo mfana oneminyaka engu-16 uvukwe isifo sokuwa ngaphambi kokuthi awe izolo ekuseni, washonela esibhedlela aphuthunyiswe kuso.

“Lo nyaka usube nzima kakhulu uqala nje, kanti sihlukumezeke ngempela emoyeni” kusho uLesufi obekhuluma nabezindaba.

Kwenzeka lokhu nje, lo Mnyango usanda kuba sematheni emva kokushona kuka-Enoch Mpianzi ngokuminza ngesikhathi esohambweni nesikole i-Parktown Boys, nokubulawa ngesihluku komfundi ase-Graceland Education Centre, u-Laticia Jansen – owadlwengulwa ngaphambi kokuba ashiswe.

FUNDA: Bazobekwa endaweni yabo yokugcina o-Enoch Mpianzi no-Laticia Jansen