Owesifazane esizifela ngaye kulolu Lwesithathu – uSindi Dlathu

Kulolu Lwesithathu sizifela ngentokazi enethalente eliyisimanga – uSindi Dlathu, owaziwa kakhulu ngendawo kaThandaza, ayidlale iminyakanyaka ku-Muvhango.

UDlathu (46), odabuka e-Meadowlands, eSoweto waphumela eshashalazini emva kokujoyina i-Muvhango ngo-1997 – umdlalo awushiya emva kweminyaka engu-20; kepha wake wabonakala nakweminye imidlalo efana ne-Soul City ne-Generations.

Abaningi bakuqaphile ukuthi uhamba ngelinye igiya selokhu aqala kwi-The River, kanti bahlale bencoma isinqumo sakhe sokushiya ku-Muvhango ukuze aba yingxenye ye-The River, njengoba bethi lo mdlalo uligqamise kabusha ithalente likaDlathu kule mboni.

Kukhona nabathi kobe urojiwe uma engatholi mklomelo ngendawo kaLindiwe.

Simthanda ngoba unethalente eliyisimanga, kanti futhi uzithobile.