Isamile i-ANC kwelokutakulwa kwe-SAA, yize uMantashe esho okuphambene nalokhu

I-ANC isamile ekutheni kumele kutakulwe inkampani yezindiza kuleli, i-South African Airways (SAA).

Lokhu kulandela isitatimende sikasihlalo waleli qembu, u-Gwede Mantashe, othe ngempelasonto kumele idayiswe le nkampani yezindiza esezinkingeni zezimali ezingapheli, futhi engenzi nzuzo.

Kepha kuzokhumbuleka ukuthi ngaphambilini, uMongameli Cyril Ramaphosa ugcizelele ukuthi ngeke i-SAA idayiselwe inkampani ezimele, esikhundleni salokho bazokwenza konke okusemandleni ukuvikela le nkampani.

FUNDA: Bekufanele i-SAA ifakwe ohlelweni lokutakula amabhizinisi

Unobhala jikelele we-ANC, u-Ace Magashule uthe leli qembu livumelene ukuthi le nkampani angeke idayiswe, esikhundleni salokho izotakulwa. “Asikagudluki kulokhu esimi kukho njenge-ANC. Isinqumo sombutho wethu lesi,” kusho uMagashule, obekhuluma izolo emva komhlangano we-ANC uMantashe abeyingxenye yawo, lapho bevumelene khona ukuthi kumele kusetshenzwe ngokubambisana nezinye izinhlaka ezithintekayo ukuvikela i-SAA.

Inhlangano esebenzisana ne-ANC, i-Cosatu, nayo iyigxekile le nkulumo kaMantashe. “Ibingeyinhle nokho, kakhulukazi ngoba ubephikisana nokubekwe uMongameli ngalolu daba,” kusho okhulumela le nhlangano u-Sizwe Pamla. Uphinde wathi okuphinde kwenze ukuthi ibe ngubudedengu kakhulu ukhuluma nje uMantashe akasiye nanoNgqongqoshe weziMboni zikaHulumeni, noma-ke owezokuThutha.