Akekho onegciwane le-corona kuleli – kusho abe-NICD

Bangu-61 abantu asebehlolelwe igciwane i-corona kuleli, ngokusho kwesikhungo esibhekele izifo ezithathelanayo eNingizimu Afrika, i-National Institute for Communicable Diseases (NICD), kanti bonke batholakale bengenalo leli gciwane.

I-corona – omsusa wayo ukhonjwa e-China isibulale abantu abangaphezu kuka-1 000 kusukela ekupheleni konyaka odlule, kanti balinganiselwa ku-40 000 okubikwa ukuthi sebengenwe yileli gciwane.

“Singakuqinisekisa ukuthi kuze kube izolo, mhlaka-11 Febhruwari 2020, bangu-61 abantu abahlolelwe leli gciwane, batholakala bengenalo. Ngakho-ke akekho umuntu onaleli gciwane eNingizimu Afrika,” kusho uCherly Cohen, we-NICD.

Kuzokhumbuleka ukuthi kuke kwenyuka amaphaphu KwaZulu-Natal ngeviki eledlule, emva kokuba uMnyango wezeMpilo uqinisekise ukuthi kukhona abantu ababili kulesiya sifundazwe obekusolakala ukuthi banaleli gciwane.

FUNDA:Lusayizinsolo kuphela olwe-corona e-KZN, makungatatazelwa kusho uMnyango