U-Moshe Ndiki noPhelo Bala bagubha unyaka bethandana

Ngathi kuyiphupho ukuthi uMoshe noPhelo basathandane unyaka owodwa nje vo, njengoba sebezitholele ikhaya ezinhlizweni zabaningi kuleli. Ngonyaka owedlule uPhelo ucele uMoshe ukuba amushade yize kuke kwaba nezigqinamba othandweni lwabo njengoba umfowabo kaPhelo uLoyiso Bala naye ongusaziwayo wazwakalisa ukuba manqika ngokuthandana komfowabo nobulili obufana nobakhe. Yize kunjalo, uthando lwalezi zinsizwa luvutha amalangabi, noma kusewunyaka owodwa nje kuphela bezibophezele othandweni kodwa bathi isiyisithupha iminyaka bethandana bephinde behlukane.

View this post on Instagram

And I will always love you!

A post shared by Phelo Bala (@phelobala) on