Sekulicala elibomvu ukushicilela isithombe somuntu onqunu, noma ukusidlulisela komunye

Uma ngabe zakuphutha lezi zindaba, sekulicala elibomvu ukuziphindiselela kowake wahlekisana naye, noma ngubani nje omunye, ngokushicilela isithombe sakhe esinqunu noma ividiyo lapho ehamba khona ngesudi yesele.

Ukushicilela lokhu ezinkundleni zokuxhumana, okanye ukukudlulisela komunye umuntu, ngabe ngomlayezo noma nge-email ngale kwemvume yalowo osesithombeni noma kwividiyo, akuvumelekile.

Uma lingakulahla leli cala, ungabhadla ejele okungenani iminyaka emibili, noma uhlawuliswe imali elinganiselwa ku-R150 000, kepha uma ushicilela isithombe lapho ebonakala khona ngokucacile lo onqunu, iyanda iminyaka yasejele, kanjalo nenhlawulo.

Lo mgomo wasayinwa uMongameli wakuleli ekupheleni konyaka odlule, kwazise ibisiyinsakavukela umchilo wesidwaba le yokuthi uma umuntu oniwe, noma kunguyena onile, aziphindiselele ngokuhlambalaza lo ayethandana naye ngezithombe zabo zangasese.