UTshatha unxusa abantu ukuthi bamuvotele

UTshatha Ngobe oyisilomo sensizwa yakwaNongoma, unxusa abantu ukuba bamuvotele njengoba eqokwe kowe-DSTV Mzansi Viewers Choice Awards, ngaphansi kwe-Favourite Radio Personality. Le ndondo uzobe eyibanga nezinkakha ezifana no-DJ Fresh, Kgomotso Matsunyane, Siphiwo ‘Spitch’ Nzawumbi no-Seipati ‘Twasa’ Seoke.

Impela kuzobe kunguqhude manikiniki kodwa uTshatha unethemba lokuthi le ndondo iyolala kwaNongoma. Uma nawe ufisa kube njalo, mvotele ngokuthi uthumele nge-SMS igama elithi 5E ku-3920 noma ucofe *120*33033# ulandela imiyalelo, bese uzibonela ngawakho ukuthi uyayithola yini le ndondo kulo mcimbi ozoba mhlaka-14 March 2020.

UTshatha ungumsakazi woKhozi FM, wethula uhlelo Isidlo Sasekuseni kusuka ngoMsombuluko kuze kube nguLwesihlanu. NgoMgqibelo uphinde ethule uhlelo lomculo wesintu uSigiya Ngengoma okuyilona hlelo azakhela ngalo udumo emsakazweni.

View this post on Instagram

Asivoteni Bakwethu Abuye Nayo 🙏🙏🙏🙏 @mctshatha

A post shared by Mandla Maphumulo (@mampintsha_shimora) on