UMpoomy no-Brenden bagubha iminyaka emithathu bashada

U-Mpoomy uthi kwakuyilona leli langa eminyakeni emithathu eyedlule ekhishwa yisisu ngoba umndeni ka-Brenden wawusendleleni uzokhokha ilobolo, ngalo lolo suku ngo-6pm wayezobopha ifindo likasofa silahlane nesinqandamathe sakhe.

Umshado wabo wethusa abaningi ngoba wenzeka ngendlela eyehlukile, kwakungekho ubukhazikhazi lobu esijwayele ukububona emishadweni eminingi. Yize kunjalo, nanamhlanje ushado wabo usamile futhi kuyintokozo kithi ukubabona bekhulela phambi kwamehlo ethu.

Ngaleyo nkathi bebengenalutho olutheni, sasazi uBrenden owayekuma-Idols SA. Namhlanje lezi zithandani zingosomabhizinisi abancane nabaphumelele. U-Mpoomy unezindawo zokwenza izinzipho nezinwele i-Aneno Beauty ne-YouTube Channel, uBrenden usaqhubeka nokwenza umculo futhi banendodakazi esanda kuhlanganisa unyaka. Sibafisela okuhle kodwa!

View this post on Instagram

Happiest day of my life. 14.01.17

A post shared by Brenden Praise (@brenden_praise) on