Ixoxwa ngezithombe – vakashel ‘e-Pilanesberg

Njengenjwayelo, njalo ngoLwesibili sikulethela indawo yakuleli ongayivakashela njengengxenye ye #TravelTuesday. Njalo ngaleli langa, kusetshenziswa le-hashtag ezinkundleni zokuxhumana ngenhloso yokugqugquzela abantu ukuthi babe yingxenye yezokuvasha, nokutshengisa izindawo okungenzeka awuzazi kodwa ongafisa ukuzivakashela ngelinye ilanga.

FUNDA: Ixoxwa ngezithombe – hambo bon’ iBali

Namuhla sikuhalisela nge-Pilanesberg, ese-North West. Uma ngabe ungumuntu ozithandela ukuba bude buduze nemvelo, nokubona izilwane zasendle bukhoma, lena indawo ongayithokozela.