Amampunge wodwa eyokunqanyulwa kukagesi ngokwa-stage 8

U-Eskom useyichithile imibiko yokuthi uzonqamula ugesi ngokwesigaba sesishiyagalombili kungekudala.

Lokhu kuvele emva kwemibiko yezindaba ethe le nkampani kagesi itshele omasipala ukuthi balungiselele u-stage 8 – okuyizindaba ezethuse abaningi.

Kuzokhumbuleka ukuthi ngoDisemba wonyaka odlule, kwaba okokuqala ngqa selokhu uhlelo lokunqanyulwa kukagesi lwaqala ngo-2008, ukuthi u-Eskom unqamule ugesi ngokwesigaba sesithupha.

FUNDA:Bekuqala ngqa ukucinywa kukagesi ngokwa-stage 6, kanti futhi bekungagcini

Esitatimendeni esikhishwe u-Eskom kulandela lezi zindaba, ithe yize isezinhlelweni zokucupha isimo uma kungenzeka kube khona okuphazamisa ngokuphuthuma iziphehlimandla, lokho akusho ukuthi isizonqamula ugesi ngokwesigaba sesishiyagalombili. Abakuqikelelayo ukulungisa iziphehlimandla zikagesi zize zibe sesimeni esifanelekile sokuphehla ugesi.

“Amathuba okuthi kufike ku-stage 8 mancane kakhulu” kusho le nkampani.

Kusenjalo, akukho kuncinywa kukagesi okulindelekile namuhla.