I-Ladysmith Black Mambazo igubha iminyaka engu-60 yasungulwa

Iqembu elihlonishwa umhlaba wonke, i-Ladysmith Black Mambazo, selineminyaka engu-60 lasungulwa.

Izolo, leli qembu ligubhe lesi simanga sebanga esilihambile kule mboni yezomculo e-City Hall, eMgungundlovu lapho bekuneScathamiya Music Concert; kanti futhi lithi kuzoba nochungechunge lwemicimbi ezweni lonke ukugubha le minyaka engu-60.

I-Ladysmith Black Mambazo inezindondo ezinhlanu zama-Grammy futhi seyaqokwa amahlandla angu-19, isicule nezinkakha zabaculi abangabaleki abasuka emazweni ahlukene omhlaba, kanti futhi namanje amakhonsathi abo agcwala phama – ngabe awakaleli noma awaphesheya.

Kusenjalo, ilindwe ngabomvu ifilimu engomsunguli waleli qembu, u-Joseph Shabalala, okulindeleke ukuthi ikhishwe kulo nyaka. Kuthiwa izokhuluma ngokukhula kwakhe, kuze kuba usungula iMambazo, kanti futhi iqoshwe KwaZulu-Natal.

Balokhu bebahalalisele njalo abasezinkundleni zokuxhumana, ababakhumbule ngamanoni afana no-Homeless, Hello My Baby, Unomathemba namanye.