Amaresiphi aconsisa amathe uma ukwi-Daniel fast

Kukhona abantu abaqala njalo unyaka ngokufasta – ngabe ufasta ngenxa yenkolo yakho, noma ufasta ngoba ufuna ukwehlisa isisindo somzimba wakho.

Enye yalama-fast adumile i-Daniel fast – lapho ongadli khona nyama, ncamnce, sinkwa, izinto ezinobisi, iziphuzo ezihlwahlwazayo izinsuku ezingu-21. Esikhundleni salokho udla kakhulu ukudla okumila emhlabathini njengezithelo nemifino bese uphuza amanzi, okanye ujusi.

Abanye-ke bayaye baxakeke ukuthi bazohlanganisa ini nani njengoba abantu bejwayele ukudla okunenyama; kepha maningi amaresiphi ongawazama.