Libaphefumulisa ngenxeba uhlelo olusha lakwaMpisane – KwaMam’Mkhize

Abebezitshela ukuthi bayabazi abantu abadla izambane likapondo, basale bengawuvali umlomo emva kwesiqephu sokuqala sohlelo lukasomabhizinisi u-Shauwn Mkhize, obeganele kwaMpisane.

Lolu hlelo oludlale izolo esiteshini i-Mzansi Magic, lusasematheni nanamuhla ekuseni. Abasezinkundleni zokuxhumana yilokhu bebabaze njalo ubukhazikhazi bempilo ka-Shauwn nezingane zakhe.

Uyasazi isithabathaba sangempela?

Abanye bathe ubukhulu bendlu budlula i-Gateway mall uqobo; kanti ne-Dubai imbala ayiboni lutho.

Izicathulo ezibiza u-R87 000

Ngisho izikhulu ezinkampanini ezithize aziyinuki imali engaka njengeholo lenyanga eyodwa. Abanye baphawule ngendlela u-Andile acele umama wakhe amboleke u-R1 million sengathi uR100.

Usisi osizayo iShayina uqobo

Uthi wake wakubona emzini womuntu omnyama ukuthi usisi osizayo abe liShayina? Kubonakele-ke lokho ohlelweni lwakaMpisane.

Uhlela uhlelani?

KwaMamkhize, kuyasheshwa kugezwe kuhanjwe, kanti futhi akukhathalekile ukuthi izwe elingale komngcele wakuleli noma cha.

Bazwela ezinye izinhlelo zosaziwayo

Kuthiwa ezinye izinhlelo ezimayelana nezimpilo zosaziwayo bakuleli aziliboni elidlalayo nakhu sekufike uMaMkhize kumabonakude.