I-Eskom ayimholelanga ophathe uMongameli ngendaba ye-loadshedding

Ihhovisi likaMengameli wakuleli, u-Cyril Ramaphosa, lithi i-Eskom ayimdukisanga ngamabomu ngesikhathi imtshela ukuthi angeke zicinywe izibani ngaphambi komhlaka-13 wale nyanga.

Emva komhlangano ophuthumayo no-Eskom ngonyaka odlule, uRamaphosa wabe eseqinisekisa izwe ukuthi angeke ibe khona i-loadshedding kusuka ngomhlaka-17 Disemba kuze kube umhlaka-13 wale nyanga.

FUNDA: Kuthiwa uzonqanyulwa okokugcina ugesi kule mpelasonto

Ngaphambilini kuleli viki, isekela likaMongameli, u-David Mabuza usole ibhodi lika-Eskom kanye noNgqongqoshe weziMboni zikaHulumeni u-Pravin Gordhan, ngokudukisa uRamaphosa ngodaba lohlelo lokucinywa kukagesi ngenhloso yokuwonga. UMabuza ubuze ukuthi babengayithembisa kanjani le nto uma kwakungenacebo lokuqinisekisa ukuthi iziphehlu zikagesi zisesimeni esifanelekile?

Ihhovisi likaMongameli lithi izimo ebezingalindelekile eziphoqe ukuthi u-Eskom uphinde ucime ugesi ngenhloso yokuwonga.

“UMengameli wayethembise ukuthi angeke kube ne-loadshedding kuze kube umhlaka-13 ngenxa yecebo lokonga ugesi alilethelwa u-Eskom. Uzokhumbula ukuthi ngempela ngesikhathi sikaKhisimuzi ugesi awucinywanga. Kepha osekwenzekile bekungahleliwe, yingakho sithi lokhu kucinywa kukagesi bekungekho ezinhlelweni zika-Eskom,” kusho okhulumela ihhovisi likaRamaphosa, u-Khusela Diko.

“Ukuphazamiseka kwezinsiza zokuphahla ugesi yizona ezidale ukuthi lokhu okwakushiwo u-Eskom ngaphambilini kushintshe, yingakho sinesiqiniseko sokuthi cha uMongameli akadukiswanga,” kuphetha uDiko.