‘Ungabi umakoti wase-res’ – kwelulekwa abaya emanyuvesi

Njengoba abafundi abaningi akade benza umatikuletsheni ngo-2019 belungiselela ukuya ezikhungweni ezahlukahlukene zemfundo ephakeme, sebethole izeluleko kwabahambe phambi kwabo – ukuze bangabhayizi emanyuvesi abaya kuwo.

FUNDA: Sithi halala kubafundi bakamatikuletsheni

Ngaphansi kwe-hashtag ebithi #tertiarysurvivalguide, abake baya emanyuvesi nasemakolishi bayale abafundi abazokwenza unyaka wokuqala ukuthi baziphathe kanjani uma sebenyathele kulezi zikhungo.

Ukudla ophila ngakho

Isinkwa, amaqanda, ama-noodles ne-cereal kungokunye ukudla okungambi eqolo kepha okusuthisayo ozojwayela ukukudla.

Ungathembeli ko-distinction bakho

Bayancomeka kakhulu o-distinction, kepha ungangeni ngalowo mqondo. Ziningi iziqengqe ezisokole enyuvesi. Okwakho ukuqinisekisa ukuthi usebenza kanzima.

Ungabi umakoti wase-res

Kakhulukazi kubantu besifazane, awuzelanga enyuvesi ukuzokotiza, kepha uzofunda. Qaphela-ke ukuthi ungabe usuba samakoti kakhulukazi endaweni lapho uzohlala khona nezinye izitshudeni, phecelezi e-res.


Awuzelanga imfashini

Abantu abeza emanyuvesi abalingani. Ungaweli emgodini wokuziqhathanisa nomntakabani, noma ufakele abazali bakho ingcindezi. Gqoka la irandi lakho lifika khona, uqikelele nje kuphela ukugeza.

Izidakamizwa uzibalekele ngezinyawo zombili

Ungaqali imikhuba ongayazi nongayijwayele nokhuzwe ngayo. Ungadlaleli ezintweni ezingaba nomthelela omubi empilweni yakho nasezifundweni zakho.

Uvakashele ekhaya ngamaholidi

Kubalulekile kakhulu ukuthi uhlele ukuyovakasha ekhaya, ukuyophumuza umqondo, nokuzungezwa abantu abakuthandayo nabakukhathalelayo.

Ungazenyezi futhi ungangabazi

Ukusebenzele nawe ukungena enyuvesi, awukuphiwanga mahhala. Uma isiNgisi sozakwenu sishibilika, noma bebonakala bengenakwesaba, noma bezwakala sengathi bahlakaniphe kakhulu, kuhle lokho, kepha nawe uhlakaniphile. Asiphasisi isiNgisi, kuphela ukusebenza kanzima.