Iyaqhubeka eyokunqanyulwa kukagesi

U-Eskom usumemezele ukuthi uzophinde unqamule ugesi ngokwesigaba sesibili kuze kube kusasa.

Le nkampani kagesi, eqale ukunqamula ugesi izolo ebusuku, ithi uhlelo lokuhlinzeka ugesi lungaphansi kwengcindezi, njengoba kuphazamiseke izinsiza eziphehla ugesi.

Ekhuluma e-Kimberley, e-Northern Capem izolo – njengoba kunemigubho yokubungaza i-ANC esineminyaka engu-108 yasungulwa, uMengameli wakuleli, u-Cyril Ramaphosa unxuse abantu ukuthi banikeze isikhulu esiphezulu esisha kwa-Eskom, u-Andre de Ruyter ithuba.

FUNDA: I-ANC igubha iminyaka engu-8 yasungulwa

Wathi izinkinga ezibhekene no-Eskom azizintsha, ziyaziwa, njengoba zimayelana nobuthakathaka bezinsiza eziphehla ugesi.

“Ekugcineni kwakho konke, sozilungisa ukuze zibe sesimeni esifanelekile, bese konke kuba ngcono,” kusho uRamaphosa.

Abasezinkundleni zokuxhumana abamangazwe ukucinywa kukagesi izikole zingakavulwa, amanye amabhizinisi engakavuli futhi kushisa, baphawule kanje: