Abanegciwane le-HIV baphumele obala ku-Twitter

Nanamhlanje kusenzima ukukhuluma ngegciwane le-HIV yize sekuyisifo esilawulekayo nokwazi ukuphila naso. Ikhambi alikatholakali kodwa selilide ibanga elihanjiwe ukuqinisekisa ukuthi abantu abalahlekelwa zimpilo zabo ngenxa ye-HIV.

Kusukela kwinqwaba yamaphilisi ayephuzwa futhi edla amafutha emzimbeni, namhlanje selilodwa iphilisi eliphuzwayo futhi likwenza ungehluki kwabanye abantu.

Ukuyohlola lesi sifo, kusewumqansa kwabaningi yize kuzosiza wena ubambe igciwane lingakakugulisi. Uma usutholile ukuthi unalo leli gciwane, namanje akukabi yinto elula ukuphumela eshashalazini ngenxa yokusaba ukuthi ungahle ungemukelwa.

Emva kokuthi uThembisile Qwabe oneminyaka engu-30 ephumele obala ku-Twitter, iningi likhethe ukumujoyina nalo liphumele obala ngesimo sabo sempilo ngenhloso yokukhuthaza abanye ukuze nabo babone ukuthi kuyaphileka ne-HIV.